Hawu Afrika, uwafihlile kuphi amaphupho ami?
gogo, wamathemba ami
angilalanga nawe izolo
awuzange ubone imibuzo emehlweni ami?
ngiyamangala ngani ukhohliwe ngami
anginyamalalanga
Hawu mfowethu, asibonanga ukukhanya kwenyanga okufanayo kanye?
eZambia, nezindlovu ezincane
mfo, besingemuny’e Swaziland?
sibonga inkanyezi ekuqaleni kwakho
sisi, umqumbuthi wakho, utshwala benthando yakho
abuzange buqabule izinyawo zami echibini lenhlabathi phansi eMalawi?
baba, ndlela yami, asinukanga utshani bokufulela emuva kwemvula?
phansi eBotswana, kushisa shi?
anginyamalalanga
Hawu Afrika, mhlawumbe, ukugug’ akumemezi
eLesotho, lapho iziNkulunkulu zezintaba ziqeda ukukhala
ukhulume ulimi lomlilo, elidala iBaobab
noma, eAzania, iphi leyondoda yomlungu, leyonhlanya-emhlophe
ngeke ikubone
isacabanga ngekhanda layo
hawu iAfrika, uthando lwakho, lunyamalala njeng’amafu
anginyamalalanga
angisanyamalalanga
Copyright © Paul Casey 2012